a ukwethula izeluleko kuhulumeni kazwelonke nasezindabeni ezithinta ubulungiswa noma ukwenganyelwa kwabo, kokunye kungabalwa imfundo nokuqeqeshwa kwamajaji amasha nohlelo oluqhubekayo lokuqeqesha amajaji amadala, izimo zasemsebenzini nemigomo yokusebenza kwamajaji, ukuhlelwa kabusha kwemingcele yeziNkantolo Eziphakeme, njalo njalo.
c Ukubumba uhlu lwabakleliselwa ukuqokwa njengamajaji eNkantolo yoMthethosisekelo edluliswe ngamagama amathathu esibalweni okufanele sikhethwe bese lwethulwa kuMongameli, uma kukhona abatonyuliwe kodwa abangamukelekile kuMongameli, kufanele lwengezwe ngamanye futhi amagama.
f ukudingida izinsolo zokungaziphathi kahle noma ukungabi sezingeni elifanele lokuba yijaji, ukuthola umphumela mayelana nophenyo nokweluleka Isigungu sikaZwelonke ngomphumela uma kutholakala ukuthi ijaji linenkinga yokwenza umsebenzi, lehlulwa wumsebenzi noma lilahlwe yicala lokungaziphathi kahle.
i ukwethula ePhalamende umbiko obhaliwe wonyaka ophathelene nemisebenzi eqhutshwe ngalowo nyaka.
Ikhomishana Yemisebenzi Yezobulungiswa yakhiwe ngoKhomishana abangu 25 (bexubene noSihlalo kanye nePhini likaSihlalo) noNobhala.
k Lapho kucutshungulwa udaba oluthinta Inkantolo Ephakeme, Ijaji Elikhulu laleyo Nkantolo noNdunankulu wesiFundazwe esithintekayo noma abaqokwe yibo.
Uma isibalo sabantu abaqokwe ezinhlanganweni zabammeli basemajajini noma emkhakheni wabammeli ngokulandisa kwesigatshana 1 e noma f silingana nezikhala okufanele zigcwaliswe, Umongameli kufanele abakhethe. Uma isibalo esiqokiwe sevile ezikhaleni okufanele zigcwaliswe, Umongameli esebonisene nomkhakha ofanele uyoqoka isibalo esifanele samagama aphakanyisiswe ngenhloso yokugcwalisa izikhala ngemuva kokubheka umbandela wokuqikelela ukuthi yonke imikhakha immelwe.
Amalunga eKhomishani aqokwe wuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe asebenza kufinyelele esikhathini lapho eshintshwa khona ngokuhlanganyela noma kuvela esinye isikhala esibalweni esimisiwe. Amanye amalunga abeqokiwe noma ekhethwe yiKhomishani asebenza kufinyelele ekushintshweni yilawo awaqoka noma awakhetha.
Isikhathi sokuhlala esikhundleni samalunga athile eKhomishani, Iphini likaSihlalo nezikhala.
b ilunga elithile lishiya isikhundla ngokufaka isicelo esibhaliwe sesaziso senyanga eyodwa esidluliswe kusihlalo.
Ilunga leKhomishani eliqokwe ngalendlela ngaphansi kwesigaba-178 1 e, f, g, h no i soMthethosisekelo liyoshiya esikhundleni ngokushesha uma izinga lalo lemfundo lingasaligunyazeli isikhundla eliqokelwe sona.
Ngemibandela emiswe esigabeni-178 1 soMthethosisekelo, noma yiliphi ilunga eliphelelwe yisikhathi sokuba sesikhundleni seKhomishani lingavuselelwa ukuhlala esikhundleni.
Ikhomishani iyoqoka amalunga okuhlala ezikhundleni ngokulandisa kwesigaba- 105 1 b, c, e, f, g no i soMthethosisekelo njengePhini likaSihlalo weKhomishani uma engekho usihlalo, iphini likasihlalo liyothatha indawo kasihlalo.
Isikhala esikhona kwiKhomishani a ngeke siphazamise izinhlelo zokuqhubeka noma izinqumo ezithathwe yiKhomishani ngesikhathi ihleli;l b siyogcwaliswa ngokulandela imigomo yesigaba 178 1 soMthethosisekelo, ilunga eliqokwe ngale ndlela lihlala esikhundleni ingxenye yesikhathi esalele lowo owahoxa noma ophume esikhundleni esikhathini esidlule.
Ngesizathu sokuthi alikho ilunga leKhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa elisebenzela lengosi ngokugcwele, umsebenzi othinta kakhulu iKhomishani wenziwa ngabasebenzi boMnyango Wezobulungiswa abaqokwe ngumqondisi Jikelele: Umnyango Wezobulungiswa. Unobhala, Nkosikazi IH Greenstein uyinhloko yesigungu sikanobhala.
Umhlahlandlela uyotholakala kwiKhomishani YamaLungelo Esintu yaseNingizimu Afrika engakedluli umhlaka- 31 Ncwaba ka- 2003.
Isaziso esikhishwa ngaphansi kwesigaba- 15 sichaza imikhakha yemibhalo yezigungu ekhona engadingi ukuba umuntu afake isicelo esigunyazwe wumthetho. Ulwazi ngesaziso seKhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa esibalulwe esigabeni- 15 asikatholakali njengamanje.
Umbiko wonyaka oqonda ePhalamende.
Ukuhlola indawo elondoloza imibhalo egciniwe.
Izincomo ezedluliselwa kuMongameli.
l Ukufinyelela embhalweni akwenqatshiwe ngesinye sezizathu ezibalwe kuMthetho.
U Ofaka isicelo kufanele asebenzise ifomu eligaywe yiGazethe kaHulumeni [Isaziso sikaHulumeni R187- 15 Nhlolanja ka- 2002] (Ifomu- A).
m Ofake isicelo kufanele akhombise uma isicelo kungesekhophi yombhalo noma ocelayo efuna ukungena azibhekele umbhalo ehhovisi lenhlangano yomphakathi. Kungenjalo, uma umbhalo ungelona ibhuku, ungafundwa ngohlobo ocelwe ngalo, uma ikhona indlela isigaba -292.
b uma umuntu ecela ukufinyelela ohlotsheni oluthile lwefomu, ocelayo uyofinyelela elwazini ngendlela acele ngayo. Ngaphandle kwesimo lapho imvume ingaphazamisa khona ukusebenza ngendlela efanele kwenhlangano yomphakathi ethintekayo, ukulimala kombhalo noma ukugxambukela emalungelweni akhethekile obunini bombhalo kahulumeni. Uma zikhona izizathu eziphathekayo zokwehluleka ukwemukela isicelo ngendlela eceliwe kodwa ikhona indlela eseceleni, izindleko zokuhlangabezana nesicelo iyobalwa ngokulandela eyokuqala abecele ngayo umuntu isigaba -293 no 4.
i Uma ngaphezulu kwempendulo ebhaliwe yesicelo, ofake isicelo efuna ukwaziswa ngesinqumo ngenye indlela, isibonelo; ngocingo, kufanele akuchaze lokhu isigaba -182e.
Uma ofake isicelo efuna ulwazi egameni lomunye umuntu, kufanele kucaciswe ukuthi ufunela omunye futhi kube nobufakazi obuphelezela isicelo isigaba -182f.
Uma ofake isicelo engakwazi ukufunda noma ukubhala noma ekhubazekile, engafaka isicelo sombhalo esiphinyiswa ngomlomo. Isisebenzi solwazi kufanele sigcwalise ifomu egameni lofaka isicelo bese sinika ofake isicelo umbhalo ofanayo/ikhophi isigaba- 183.
Ofake isicelo ofuna ukufinyelela embhalweni oqukethe ulwazi oluyimfihlo ngomuntu ofake isicelo akudingeki akhokhe imali yesicelo.
Isisebenzi solwazi kufanele sazise ngesaziso lowo ofake isicelo (ngaphandle komuntu ozicelela ulwazi ngaye) lapho efuna khona ofaka isicelo akhokhe imali enqunyiwe (uma ikhona) ngaphambi kokuqhubeka nesicelo.
Imali enqunyiwe engama-R35 ikhokhwa ngokuthenga izitembu zentela ezitholakala emaPosini. Inani elifanele lesitembu kufanele linanyathiselwe kwifomu yesicelo (Ifomu A). Uma singananyathiselwe isitembu, isicelo ngeke sacutshungulwa ize ikhokhwe imali yezitembu efunekayo noma enqunyiwe.
Ofake isicelo engafaka isicelo enkantolo esiphikisana nokwethula noma nokuhlawula imali yesicelo.
h Ngemuva kokuba isisebenzi solwazi sithathe isinqumo ngesicelo, ofake isicelo uyokwaziswa ngesinqumo ngendlela ecelwe ngumuntu ofake isicelo.
o Uma ofake isicelo enikwa imvume, kunenye imali yokufinyelela embhalweni okufanele ikhokhelwe ukucinga, ukulungisa, ukukhiqiza kabusha nokukhokhela isikhathi esengeziwe sokufuna namalungiselelo ombhala ukuze udalulwe.
l Imali enqunyiwe yokufinyelela embhalweni itholakala kwiSijobelelo A saleli bhukwana. Ukufinyelela embhalweni kuyogunyazwa kuphela ngemuva kwenkokhelo yemali yokufinyelela embhalweni. Imali yokufinyelela embhalweni kufanele ikhokhwe ngezitembu zentela ezithengwa ePosini.
Isikhalo esithinta ijaji esingaphansi kwesigaba-177 soMthethosisekelo, isibonelo; isikhalo sokungabi namandla okuqhubeka nomsebenzi, ukwehlulwa wumsebenzi noma icala lokungaziphathi kahle siyocutshungulwa yiKhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa ngaphansi kwalo mbandela.
Ikhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa ayinamandla okudingida izikhalo ezingekho ezigabeni ezichazwe ngenhla.
Ikhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa nezinye Izikhungo zeSahluko sesiShagalolunye (ngomyalelo woMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, uNo 108 ka 1996) azinayo inqubo yangaphakathi yokwedlulisa izikhalo efana neminye imikhandlu yomphakathi. Kufanele kuyiwe ezinkantolo ezigamekweni lapho imibandela yaloMthetho yephulwe khona yile mikhandlu. Lokhu kuyosebenza kunoma yisiphi isikhungo lapho ofake isicelo noma ithimba lesithathu lifisa ukwedlulisa isinqumo esithathwe yisisebenzi solwazi.
I Ekhelini okuyihhovisi leKhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa elichazwe emininingwaneni Yokuxhuma embhalweni ongenhla.
Yonke indawo yokufaka imali echazwe esigabeni-6 soMthetho weNdawo Yokufaka Imali ka-1997.
g eminye imitapo noma isikhungo esinqunywe nguNgqongqoshe ngenhloso yezigaba ezithile ezinqunyiwe zemibhalo.
Engosini yekhompyutha lapho kutholakala khona imininingwane yoMnyango Wezobulungiswa neNtuthuko yoMthethosisekelo: www.doj.gov.
Imali yekhophi yebhukwan ehlonzwe emgomweni- 5(c) ngu R0,60 wekhophi ngayinye yekhasi elingu A4 ubukhulu noma ingxenye yakhe.
inkokhelo ekhishwa ngumuntu ofake isicelo ngaphandle komuntu othinteka ngqo odabeni, ochazwe kumgomo -7 . R35,00.
f Ukucinga nokwenza amalungiselelo okudalula umbhalo, R15,00 ihora ngalinye noma ingxenye yalo, ngaphandle kwehora lokuqala eliyisilinganiso esidingekayo sokucinga nokwenza amalungiselelo omsebenzi.
b ingxenye eyodwa kokuthathu, imali yokufinyelela embhalweni ekhokhwa njengediphozithi yilowo ofake isicelo.
Inani lempela elikhokhwa ngesikhathi ikhophi yombhalo iposela lowo ofake isicelo.
chaza isikhundla, igama nesibongo sesisebenzi solwazi/iphini lesisebenzi solwazi; njalo njalo..
Imali yesicelo (uma ikhona): R...
Idiphozithi (uma ikhona): R...
Imali yokufinyelela elwazini: R...
B. Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela embhalweni a Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela embhalweni kufanele ibhalwe ngezansi.
b Nika ikheli noma inombolo yesikhahlamezi eseNingizimu Afrika lapho kuyothunyelwa khona ulwazi.
c Ubufakazi begunya okufakwa ngalo isicelo kufanele bunanyathiselwe.
Lesi sigaba kufanele sigcwaliswe KUPHELA uma isicelo lolwazi senzelwa omunye umuntu.
D. Imininingwane yombhalo a Nika imininingwane egcwele yombhalo ofunelwa ulwazi kuhlangene nenombolo ecashunywayo yombhalo uma uyazi, ukuze utholakale kalula umbhalo.
b Uma sincane isikhala esihlinzekiwe, ucelwa ukuba uqhubeke ekhasini elizimele bese ulinamathelisa kulefomu. Ofake isicelo kufanele asayine wonke amakhasi okwengezela.
Inombolo ecashunywayo, uma ikhona: 2222222222222222222.
E. Inkokhelo a Isicelo sokufinyelela embhalweni ongesiwona oqukethe imininingwane yolwazi lwangasese lomuntu siyocutshungulwa kuphela ngemuva kokukhokhwa kwemali yesicelo.
b Uyokwaziswa ngesamba okufanele sikhokhwe njengemali yesicelo.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela embhalweni incike ohlotsheni ofunwa ngalo umbhalo nesikhathi esenele sokucinga nokwenza amalungiselelo ombhalo.
d Uma uxolelwe ekuhlawuleni imali yokuthola umbhalo noma ulwazi, chaza izizathu zalokho.
Isizathu sokuxolelwa ekukhokheni imali yokufinyelela embhalweni/elwazini: IIIIIIIIIIIIII..
Uma uvinjwe yisimo sokukhubazeka ngokwehluleka ukufunda, ukubona noma ukulalela umbhalo ngohlobo lokufinyelela embhalweni oluhlinzekwe ezigabeni-1 kuya ku-4 ngezansi, chaza isimo sakho sokukhubazeka bese uchaza uhlobo ofuna ngalo ukuthola umbhalo.
Uhlobo okufunwa ngalo umbhalo:UUUUUUUUUUUUUUUU.
Shaya uphawu esikhaleni esifanele "X".
a Inkomba yakho yohlobo ofuna ngalo ukufinyelela embhalweni incike ohlotsheni obhalwe noma ogcinwe ngayo umbhalo.
b Ngezinye izikhathi kungenzeka ungawuthola noma wenqatshwe ukukhishwa umbhalo ngendlela owucele ngayo. Uma kwenzeka ngalendlela, uyokwaziswa uma ikhona enye indlela yokuwukhipha.
c Uma ikhona imali ekhokhelwa ukuthola umbhalo, ingxenye yayo iyonqunywa wuhlobo okucelwa ngalo ukufinyelela embhalweni.
Uma ucele ikhophi noma ukuqopha umbhalo kabusha ngenhla, chaza ukuthi ufuna ukuposelwa ikhophi noma umbhalo omusha?
Imali yokuposa iyakhokhwa.
Qaphela ukuthi uma ungatholakali umbhalo ngolimi oluqokile, ungawuthola ngolimi ogcinwe noma ovele ubhalwe ngalo.
Ufisa ukuthola umbhalo ngaluphi ulimi mmmmmmmmmmmmm.?
Uyokwaziswa ngendlela ebhaliwe ukuthi isicelo sakho siphumelele/sichithiwe. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, chaza leyo ndlela, uhlinzeke ngemininingwane efanele yokuhlangabezana naleso sicelo.
Iyiphi indlela oqoka ukwaziswa ngayo ngesinqumo esithinta isicelo sokufinyelela embhalweni ssssssssssssssssssssss?
